Inkakha yeChief ikhuthaza uShabalala


Owayengumdlali we Kaizer Chiefs uTefo Mashamaite, usekhuthaze uMduduzi Shabalala ukuthi angalilahli ithemba ngoba wonke umdlali uyawageja amagoli. UTefo usho lamazwi ngemuva kokuthi uShabalala eshwebe inqwaba yamagoli ngesikhathi iKaizer Chiefs ihlulwa yi Stellenbosh FC emdlalweni we Nedbank Cup last 32.

Ukushweba amagoli amaningi emdlalweni owodwa kwenza abalandeli be Kaizer Chiefs bamgxeka esidlangalaleni uShabalala, kanti usephuthelwe ngumdlalo womkhaya ngenxa yokushaya udaka emdlalweni yangaphambilini.

Kuphoqe abaqeqeshi be Kaizer Chiefs ukuthi bamvikele olakeni labalandeli be Kaizer Chiefs, njoengoba lomdlali usekhombise ukwehlelwa yizinga njengoba ekhale ngaphandle eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana .

Abalandeli be Kaizer Chiefs bambona engayenzela lutho iKaizer Chiefs kulamasizini amane awadlale kuleliqembu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.