
I-National Prosecuting Authority (NPA), igculisekile ngesigwebo seminyaka ewu-12 esitholwe wumlisa oneminyaka ewu-35, eNkantolo yesiFunda eMtubatuba emuva kokulahlwa ngecala lokushaya ngesihluku. Isigameko senzeke ngoDecember 2024 eNkanini enyakatho KwaZulu-Natal.
Ummangalelwa ubethweswe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza ngaphansi kuka-Section 51(2) no-Part III of Schedule 2 of the Criminal Law Amendment Act 105 of 1997, uhambisana no-Section 256 and 266 of the Criminal Procedure Act 51 of 1977; u-Section 1 of the Domestic Violence Act 116 of 1998; no-Section 103 of the Firearms Control Act 60 of 2000. Ummangalelwa nomgilwa babethandana.
Ngosuku lwesigameko, umgilwa waya emcimbini wesintu nabangani bakhe. Kuthe esesemcimbini kwafona ummangalelwa ecela ukumbona ngaphandle. Umgilwa waphuma waya kuyena, ummangalelwa wathi ufuna ukuhamba nomgilwa. Kwathi uma enqaba umgilwa, ummangalewa wamshaya wamkhahlela. Ummangalelwa wayexosha nabantu ababezama ukulamula.
Ummangalewa washaya umgilwa ngesihlilingi itshe langena esweni wase eyabaleka. Umgilwa waphuthunyiswa esibhedlela lapho kwavela khona ukuthi iso lifile kufanele likhishwe. Ummangalelwa waboshwa. Sekuqulwa icala,uMshushisi uPhumlani Thembalethu Khoza ubize ofakazi okungumgilwa kwethulwa nombiko kadokotela i-J88 oveza ukulimala.
Umshushisi ekhinga isigwebo esiqinile, wethule isitatimend esikamgilwa asibhale eluswe wuSithembile Cebekhulu.Isitatimende siveze ukuthi umgilwa usephila ngezinhlungu, uphathwa yikhanda usephila ngamaphilisi. Uthe uphazamiseke kabi emoyeni nasenyameni ngenxa yesigameko futhi ukuphunyelwa yiso kumenze inhlekisa useyinkomo edla yodwa.
Uthe lesi sigameko simhlambalazile samshiya nezinhlungu. Ngenxa yokungabibikho kweThuthuzela Care Centre eduze,umgilwa uphunyiswe kwabezenhlakahle wayokwelulekwa ngengqondo nezingane zakhe.Inkantolo ithe ukwengeza iminyaka emibili kulesi sigwebo esibekiwe seminyaka ewu-10 ngenxa yesihluku sikammangalelwa nobucayoi becala.
Inkantolo ithe ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.I-NPA iyakwemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo. Ukulwa nodlame lobulili luseqhulwini kwi-NPA nezinye izihlaka ebambisene nazo futhi bazofaka umdlandla ukulwa nesihlava sodlame lobulili.Issued by:Natasha Ramkisson-KaraNPA Regional Spokesperson – KwaZulu-Natal Division071 670 0229
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
