UMkhwanazi usejutshwe ukuyolwa nobugebengu kuzwelonke

UKhomishana wamaphoyisa eKZN uLt General uNhlanhla Mkhwanazi usejutshwe ukuba ayohola uhlelo lokuzwelonke lokulwa nobugebengu obuhleliwe. Lezi zindaba zivele ngoLwesihlanu.Engxoxweni ekhethekile ne-ENCA ngemuva kwesithangami nabezindaba eThekwini, uMkhwanazi ukuqinisekile ukuthi usejutshwe kulo msebenzi kazwelonke.Kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke asabe uKhomishana wesifundazwe.UMkhwanazi uthe bayazi ngesiqhoqho songqondongqondo bezigebengu ezaziwa nge-Big 5 wathi bazokwazi ukusivalela ebhodleleni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.