
I-National Prosecuting Authority (NPA), igculisekile ngesigwebo sikadilikajele neminyaka ewu-5 esitholwe owesifazane oneminyaka ewu-28, eNkantolo yesiFunda eMadadeni ngemuva kokuhlambuluka evuma icala ngaphansi kuka-Section 112 of the Criminal Procedure Act, lokudlwengula nokubukisa umfowabo owayeneminyaka ewu-8 imifanekiso yocansi.
Isigameko senzeka Osizweni.Umgilwa nommangalewa bayizelamani futhi bebehlala ekhaya elilodwa nonina. Phakathi kuka-2022 no-2024 umgilwa wayesele nommangalelwa bobabili, ummangalewa wadlwengula umgilwa izikhawu. Wamkhombisa imifanekiso yocansi wamsabisa ngokuthi angatsheli muntu.
Indaba ivele ngo-2024 ngemuva kokuthi umgilwa ethamele isithangami esikoleni lapho okwakufundiswa khona ukuthi abafundi kufanele babike uma kukhona obathinte izitho zangasese. Umgilwa wagqugquzeleka ukuthi abike udaba kunina. Umgilwa wayiswa eMadadeni Thuthuzela Care Centre(TCC) wayothola usizo lwezempilo nengqondo. Kwabikelwa amaphoyisa kwase kuboshwa ummangalewa.
UMshushisi uZama Zikalala ekhonga isigwebo esiqinile, ugcizelele ukuthi ummangalewa wasebenzisa kabi ukwethenjwa kwakhe njengo dadewabo kamgilwa omdala. Unina kamgilwa wethule ubufakazi echaza ngendlela indodana yakhe ephazamiseke ngayo. Ummangalewa ugwetshwe iminyaka emihlanu ngokuvezela umgilwa izithombe zocansi. Ummangalelwa ugwetshwe udilikajle ngecala lokudlwengula. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.I-NPA iyasemukela isigwebo.
Ukulwa nesihlava sodlame lobulili ikakhulukazi oluthinta izingane, kuseqhulwini. Ukwandiswa kwesibalo samaThuthuzela Care Centre ezweni esuka kwangu-55 ngo-2020/2021 aba ngu-66 kunomthelela omkhulu empini yodlame lobulili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
