
Ingozi esabekayo, ishiye umphakathi jkhungathekile ngesikhathi umfundi webanga lesi-5 oneminyaka eyi-10, emulate ngokusolwa ngomunye umfundi ngexa yamamaki esikoleni, kwaCeza, oLundi.
U-Esethu Zungu, oneminyaka eyi-10 ubudala, obengumfundi webanga lesi-5 eSikoleni Samabanga Aphansi iMashiyane eDlabane, KwaCeza, kuthiwa uhlaselwe wabe eseklinywa waze washona ngomunye umfundi naye oneminyaka eyi-10, kulandela ukungaboni ngaso linye mayelana namamaki atholwe esikoleni.
Ngokusho kukagogo wakhe, uThuli Zungu, lesi sigameko kuthiwa senzeke ngemuva kokuba u-Esethu ethole amamaki aphezulu kunomfundi afunda naye ngesikhathi sokuhlolwa kwezinkondlo. Kubikwa ukuthi abafundi abayisikhombisa bayibonile le ngozi.
Ugogo uphinde waveza ukukhathazeka ngokugadwa kwabafundi ngothisha, ethi othisha babevele besegumbini labo (staffroom) ngaleso sikhathi.
Amaphoyisa aseKwaZulu-Natal aqinisekise ukuthi kuboshwe umfundi oneminyaka eyi-10 ngokuhlobene necala lokubulala, kodwa kamuva wadedelwa wabuyiselwa kubazali bakhe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
