
IMeya yaseRichmond, uKhansela uReginald (Reggie) Ngcobo, isibeke eqhulwini isidingo sokuthuthukisa ukusebenza kukamasipala nokuqinisekisa ukuthi izidingo zabahlali zithola ukunakwa nokuphendulwa ngokushesha.
Lokhu kuvele emhlanganweni okhethekile abewubambe neKomidi eliPhezulu eliBhekele ukuPhathwa kukaMasipala (Municipal Extended Management Committee – MANCO) ngoLwesithathu, lapho kugxilwe khona ezindleleni zokuthuthukisa ukusebenza nokusheshisa ukulethwa kwezidingo zomphakathi.
UMeya uNgcobo uthe kubalulekile ukuthi izikhulu zikamasipala zingagcini ngokusebenza emahhovisi kuphela, kodwa zichithe isikhathi esiningi emiphakathini ukuze zikwazi ukubona mathupha izinselelo ezibhekene nezakhamuzi, zithole izixazululo futhi ziqinisekise ukuthi izidingo zazo ziyahlangatshezwa.
Uphinde wagcizelela ukuthi ukulandela imigomo ye-Batho Pele kumele kube yinto eyenzeka nsuku zonke kubo bonke abasebenzi bakamasipala, njengoba le migomo ibeka izakhamuzi phambili futhi ikhuthaza ukuhlinzekwa kwezidingo ngendlela esheshayo nephumelelayo.
Uthe impumelelo ekulethweni kwezidingo idinga ukuzibophezela kwawo wonke umuntu osebenza ngaphansi kukamasipala. Abaphathi nabasebenzi kumele basebenzisane, futhi baqinisekise ukuthi akukho ukubambezeleka kwezidingo ngokungenasidingo.
Umyalezo ocacile ophume kulo mhlangano ngowokuthi intuthuko yaseRichmond idinga ubuholi obuzibophezele, abasebenzi abasebenza ngokuzikhandla kanye nokubambisana okuqinile nemiphakathi.
Lokhu kuyingxenye yokuzibophezela kukaMasipala waseRichmond ekufezeni isiqubulo sawo esithi: “Intuthuko kubantu, ukusebenza ndawonye“, ngokubeka izidingo zezakhamuzi phambili nokwenza intuthuko ibe yinto ebonakalayo emphakathini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
