
INkantolo yeMantshi yaseMeyerton igwebe isalukazi esineminyaka engu-74 ubudala iminyaka emithathu ejele ngecala lokweba ikhofi.
Ngokusho kukaLumka Mahanjana, okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA), ngomhlaka-11 September 2026, lesi salukazi kanye nomunye wesifazane bangena esitolo sakwa-OK Foods, eMeyerton base beba amabhodlela ayisishiyagalombili ekhofi (anesisindo esingu-200g ngalinye), abiza u-R239.99 ngalinye.
Lokhu kweba kwatholakala ngomhlaka-12 September 2026 ngemuva kokuba umphathi wesitolo ebone, ngesikhathi kuhlolwa izimpahla, ukuthi ikhofi lohlobo lwe-Douwe Egberts alisekho emashalofini.
“Njengoba lo mkhiqizo uvame ukungathengiswa ngobuningi, umphathi wabe esebheka amarekhodi okuthengiswa kwempahla esitolo, okuyikho okwabonisa ukuthi impahla engekho ayizange ithengiswe
“Ukubukwa kwamakhamera e-CCTV asesitolo, kwabonisa abesifazane ababili befihla amabhodlela ayisishiyagalombili ekhofi ngaphansi kwezingubo zabo, ngaphambi kokuphuma esitolo bengawakhokhelanga,” kusho i-NPA.
Abesifazane ababili babuyela esitolo ngosuku olulandelayo, imenenja yesitolo yakwazi ukubabona njengoba yayibuke amakhamera e-CCTV. Imeneja yabikela onogada kanye namaphoyisa.
Kwaboshwa isalukazi kwathi lo omunye wesifazane yena wabaleka. USizane wavuma icala lokweba wacela inkantolo ukuba ingamgwebi ngokumvalela ejele. Yize kunjalo, umshushisi weNkantolo yesiFunda, uSalome Brits, waphikisana nalokho wacela ukuba agwetshwe isigwebo sokuboshwa ngqo, egqamisa umlando omude kaSizane wamacala afanayo.
Ngokusho koMbuso, lesi salukazi sasesivele sinamacala okweba angu-19, aqala kusukela ngo-1988 kuya ku-2026. Uhlangothi olushushisayo luphinde lwadalula ukuthi iNkantolo yeMantshi yaseVereeniging isanda kusigweba ngokumhlawlisa u-R4 000 noma ukumvalela ejele izinyanga eziyisishiyagalombili ngenxa yokweba ikhofi i-Jacobs Krönung elibiza u-R1 529.91.
Ngesikhathi ekhipha isigwebo, umantshi wavumelana noMbuso ngokuthi lo wesifazane akazange akhombise ukuzisola futhi akazange afunde kulokho akwenzeka ngaphambilini ngesikhathi egwetshwa.
Ngaphezu kokushushiswa ngamacala obugebengu, uphiko lwe-NPA i-Asset Forfeiture Unit (AFU) ePitoli lathola imiyalo emibili yokudliwa kwempahla, ebiza u-R1 529.91 no-R1 919.92 ngokulandelana, ephathelene nekhofi elebiwe eMeyerton naseVereeniging. Uma le miyalelo yomibili isihlangene ibiza imali engu-R3 449.83.
Inkantolo iphinde yamemezela ukuthi uSizane akafanele ukuba aphathe isibhamu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
