
I-National Prosecuting Authority (NPA) yemukela isigwebo seminyaka engu-25 esikhishwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini, igweba uThemba Joseph Xaba, 23, owavuma icala lokubulala ngokwesigaba sika-Section 105A of the Criminal Procedure Act 51 0f 1997 kanye namabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
UXaba evuma icala, uthe wabulala intombi yakhe ngoNovember 2025 eMlazi esigcemeni sakwa-C. Uthe wafaka isidumbu epotimendeni wasigqiba la ayehlala khona. Wabhala izitatimende ezimbili emaphoyiseni ewaholela ophathe ezama ukufihla iqiniso.
Uthe babethandana nomufi, owayengumfundi enyuvesi yendawo ayeqale kuyona ngo-2025. Uthe umufi wayenayo indawo ayehlala kuyona nabangani bakhe kodwa yena nomufi banquma ukuhlala ndawonye.
Kuvele nokuthi babehlala bexabana njengoba uXaba wayesola ukuthi umufi wayeqomile. Uthe ngo-2025 waba nezinsolo ngendlela umufi ayeziphatha ngayo engatholakali ocingweni. Uthe wanquma ukuthi bahlangane ukuze ambuze ngalolu daba.
Bavumelana ngokuhlangana endaweni yokudlela eThekwini ngomhlaka-22 November 2025.
Ngesikhathi bexoxa kwangena umyalezo kwiselula kamufi wayiziba wabhekisa iselula phansi. Lokhu kwadala izinsolo eziningi kuXaba. Wathatha umufi bagibela itekisi wabuyela naye endlini eMlazi. Bafika endlini baxabana baze babambana ngezandla.
Uqhube wathi ngesikhathi kuliwa wabamba umufi wamklinya waze washona. Wafaka isidumbu epotimendeni wasimbela wasingcwabe egcekeni. Uthe waqoqa amaphepha wawashisa phezu kwethuna ukuze kungabonakali akwenzile.
Ngakusasa, uXaba wabika umufi emaphoyiseni njengomuntu onyamalele. Ngomhlaka-04 December 2025, wahamba wayovula icala lokubamba inkunzi ethi umufi uthunjiwe wabanjwa inkunzi futhi abagila lo mkhuba bamgcinile bafuna imali ukuze bamdedele.
Isidumbu sikamufi satholakala ngomhlaka-19 December 2025 egcekeni kwaXaba, waboshwa.
UMshushisi u-Advocate Krishen Shah, wethule isitatimende selungu lomndeni elisibhale leluswe wuThandeka Nadi Mofokeng oyi-Court Preparation Officer. Umndeni uveze ubuhlungu bokulahlekelwa ababhekane nakho. Umndeni uthe umufi ubethembekile futhi ewumuntu obewujabulisa umndeni.
Inkantolo igwebe uXaba iminyaka engu-20 ngokubulala neminyaka emithathu ngecala ngalinye kwamathathu okuphazamisa ukusebenza komthetho.
Unyaka owodwa uzowudonsa kanyekanye nezinye izigwebo nokusho ukuthi uzodonsa udilikajele iminyaka engu-25.
Inkantolo inqume ukuthi ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Ngaphambi kokwemukela ukuvuma kwakhe, u-Advocate uxoxe nomphenyi wecala, nomndeni kamufi bonke bavumelena ukuthi kwemukelwe ukuhlambuluka kwakhe.
Umbuso ubheke ukuthi uXaba useyibhungu elincane, ukhombise ukuzisola waxolisa emndenini futhi uyaqala ukulahlwa yicala.
I-NPA ithi izimisele ukulwa nesihlava sodlame lobulili. Ngokubambisana nezinye izinhlaka izoqhubeka nokushushisa abagila imikhuba ukuze bajeziswe bese izisulu nemindeni yazo zithole ubulungiswa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
