
Uhlehlise ikhonsathi i-The Evergreen ebilindelwe ngabomvu, umculi uZonke Dikana.
Lo mculi, owaziwa ngengoma yakhe ethandwa kakhulu ethi ‘Feelings’, uthe ukuhlehlisa kubangelwa ukushonelwa emndenini wakhe.
Ikhonsathi ibihlelelwe ukuthi ibanjwe ngoMgqibelo, womhlaka-24 kOctober, e-Sandton Convention Centre eSandton, enyakatho neGoli.
Esitatimendeni esikhishwe ezinkundleni zakhe zokuxhumana, lo mculi umemezele ukuhlehliswa komcimbi.
“Ngenxa yesifo esivelile wakhe, uZonke uthathe isinqumo esinzima kakhulu sokuhlehlisa umcimbi obulindelwe ngabomvu i-The Evergreen in Concert, obekuhlelelwe ukuthi ubanjwe ngoMgqibelo, womhlaka-24 kuMfumfu 2026, e-Sandton Convention Centre,” kusho isitatimende.
Umndeni uthe bekungesona isinqumo esilula ukusithatha.
“Lesi sinqumo asithathwanga kalula, futhi uZonke udlulisa ukubonga okukhulu kubalandeli bakhe, abalingani kanye nabo bonke abamsekelayo, ngokuzwelana naye nokuqonda kwabo ngalesi sikhathi esinzima kakhulu.”
Umcimbi manje uhlelelwe ukuthi ubanjwe ngoMgqibelo, ngomhlaka-13 February 2027.
“Wonke amathikithi asevele ethengiwe nge-Webtickets azosebenza nangosuku olusha olubekiwe. Ezinye izinsuku zekhonsathi zakwamanye amadolobha zizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
