
U-DJ ophinde abe ngu-phrojusa womculo waseThekwini, u-DJ Sox, kanye nomkakhe uGloria Bluebird, basemanzini kulandela ukudlula emhlabeni kwendodana yakhe eneminyaka eyishumi ubudala, uBusa Sokhela.
UBusa udlule emhlabeni ngeSonto, lwangomhlaka-11October, kulandela ukuxinwa wukugula, ephethwe yisifo i-pneumonia, nalapho esehlale khona izinyanga ezimbili esibhedlela, esesimeni esibucayi egumbini labagula kakhulu e-ICU lapho kade eselekelelwa yimishini ukuphefumula.
UDJ Sox, ogama lakhe lokuzalwa nguMbusi Sokhela, oneminyaka engu-49 ubudala, uthe usele nenhliziyo ebuhlungu njengoba eshiywe yindodana yakhe esencane kangaka.
Lo DJ usivulele isifuba sakhe wabhala ezinkundleni zokuxhumana i-Instagram ngendlela azizwa ngayo.
“Akekho umzali ongakwazi ukukulungela ubuhlungu bokulahlekelwa yingane esencane kangaka. Ngikukhumbula ngendlela engachazeki, futhi kubuhlungu ukwazi ukuthi ngeke ngiphinde ngikugone,” kubhala yena.
Nakuba esezinhlungwini uSox uthe ukumethemba uNkulunkulu yikho okumduduzayo kulesi simo abhekene naso sokulahlekelwa yingane.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
