
Abahleli bomncintiswano wonobuhle, uMiss South Africa, weminyaka yonke, bachaza ngesicoco esenze kwavungama izwe lonke ngendlela ebesiyiyo besho nokuthi sehlisa isithunzi salo mncintiswano omkhulu kangaka, uma siqhathaniswa nezinye izicoco zangaphambilini.
Abahleli bathi bayaziqonda izinkulumo ezizungezayo ezimayelana nesicoco sasekhanda esithweswe odle umhlanganiso ngempelasonto kanjalo nokudumala okuhambisana nemibuzo evezwe ngabanye abantu bakuleli futhi bayayamukela intshisekelo, wugqozu kanye nomuzwa abanawo ngalo mncintiswano kazwelonke.
Abahleli bachaze ngokuthi lesi sicoco bekungesesikhashana, besenzelwe umcimbi kuphela, esangempela sisazokwakhiwa.
“Sifuna ukunikeza bonke abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokuthi babe yingxenye yokwakhiwa nokukhethwa kwesicoco esifanele ukubekwa ku-Miss SA,” kusho abahleli.
Abomncintiswano bathi bayavuma ukuthi le nqubo bekumele icaciswe ngaphambi kokuba kufinyelelwe emaphethelweni. Ngalokho bayavuma ukuthi ngabe akuzange kuphethe ngale ndlela.
Enqubweni yokwahlulela, siyakuqonda ukuthi abantu baseNingizimu Afrika banemibono eyahlukahlukene mayelana nezimfanelo okufanele zichaze uMiss South Africa.
Le nhlangano ithe esikhathini samanje uMiss SA ukhethwa ngendlela ehlukile futhi ebandakanya okuningi, okuhlanganisa; ubuhle, ubuhlakani, ubuholi, ukukwazi ukuqhamuka nezixazululo kwizinselelo ezibhekene nezwe kanye nokusebenza ngokuzikhandla ekwenzeni umehluko emiphakathini.
Instagram:
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
