
UMasipala waseThekwini unxusa izakhamuzi, amabhizinisi kanye nezivakashi ukuba zisize ngokuvikeela ingqalasizinda yamanzi, ukuhlanzeka kanye nogesi weDolobha ekuphazamisekeni nasekucekeleni phansi, njengoba iTheku lingena esikhathini semvula futhi lilungiselela isikhathi samaholide.
Ukuphazamisa kanye nokucekela phansi ingqalasizinda yomphakathi, kusukela emigodini evuliwe kanye namapayipi amanzi alimele kuya ekuxhumeni okungekho emthethweni kanye nezintambo zikagesi ezebiwe, ukuphazamisa izinsizakalo, ukubeka izimpilo engozini kanye nokuguqula izinsiza ekulungiseni okuhleliwe emiphakathini, okuzobiza abakhokhi bentela.
Kamuva nje, amathimba kamasipala aqhuba umsebenzi wokulungisa edolobheni athole imfucumfucu ezitamukokweni emningi eku-Dr Pixley ka-Isaka Seme Street, eSouth Beach ebezivulekile kwezinye kutholakale izingodo, amapulangwe, cwele izingodo, i-plywood, opulastiki abagcwele udoti, amasaka kanye nezinto zokulala. Ezinye izivalo zezitamkoko beziphukile noma zisusiwe ukuze kufakwe phakathi.
Izitamkoko zezivalekile zivimbela amanzi emvula ukuthi angangeni ngesikhathi semvula enkulu, okuholela kwizikhukhula, kanti ukuvinjelwa kwendle kubangela ukuthi amanzi angcolile agcwale emigaqweni, emifuleni kanye nolwandle. Ingqalasizinda kagesi eyonakele iholela ekunqamukeni kombani emindenini kanye namabhizinisi futhi ibeka umphakathi engcupheni yokushaywa wugesi.





Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
