
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli ufuna kuqiniswe imizamo yokulwa nokusatshalaliswa kwezibhamu ezingekho emthethweni emphakathini, ethi lezi zibhamu zihlalisa lubhojozi imiphakathi ziphinde zibeke engcupheni izimpilo zamaphoyisa evikela imiphakathi.
UNdunankulu uNtuli, ucela amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS) ukuthi aqinise imisebenzi eqhutshwa ngobuhlakani ehlose ukubuyisa izibhamu ezingekho emthethweni nokuqeda ngemithombo ehlinzeka izigebengu ngezibhamu, usho kanje ezwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokuqhubeka kodlame lwezibhamu esifundazweni.
Isicelo sikaNdunankulu siza ngemuva kokubulawa kwamadoda ayisishiyagalombili adutshulwe abulawa ehlezi ngaphakathi emotweni eMabane Section, eSweetwaters, ngaphandle kwasePietermaritzburg. Lesi sigameko silandela leso esenzeka endaweni yaKwaMakhutha eningizimu yeTheku ngoSeptember lapho kwadutshulwa kwabulawa abantu abangu-12 kubalwa nowesifazane owayezithwele.
UNdunankulu uphinde waveza ukukhathazeka okukhulu ngokubulawa koMphathi wesiTeshi samaPhoyisa aseGreytown, uColonel NG Sithole, owadlula emhlabeni esemsebenzini ngesikhathi kuqhubeka isigameko sokudubulana nezigebengu ezazihlomile ngoLwesine olwedlule.
Khonamanjalo, amaphoyisa abika ukuthi ngesikhathi kuseshwa imoto, kutholwe izibhamu ezimbili kanye nezinhlamvu ezingu-14, ne-blank gun.
Uphenyo luveze ukuthi esinye salezi zibhamu sabikwa njengesebiwe eHighflats ngo-October 2026, kanti esinye isibhamu singesenkampani yezokuphepha eseGauteng, kanti futhi sona asizange sibikwe njengesebiwe.
Imoto kutholakale ukuthi ingeyomuntu ohlala eVerulam eThekwini, futhi isetshenziswa njengemoto yezokuthutha abagibeli (e-hailing vehicle).
Kuze kube yimanje, sekuhlonzwe izisulu eziyisithupha ezivela ezindaweni ezizungeze iMariannhill.
Kukholakala ukuthi iminyaka yezisulu iphakathi kwengu-20 nengu-30 ubudala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
