
Amalungu e-Durban SAPS Search and Rescue Unit, kanye nawe-DBN K9 SAR, abambe iqhaza emsebenzini wokuthola isidumbu endaweni yaseMbilo.
Kutholakale owesilisa ongakahlonzwa elenga esihlahleni epaki laseMbilo (Umbilo Park).
Lesi sidumbu, ebesesiqala ukonakala, sikhishwe ehlathini eliminyene kusetshenziswa uhlaka olukhethekile lokuthwala abantu (Rescue Stokes Basket) sase siyiswa emgaqweni, lapho simukeliswe khona abosizo lokuqala i-KZN Medical Legal Laboratory.
Kuvulwe idokodo lophenyo esiteshini samaphoyisa saseMbilo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
