
Abahleli bemicimbi bayelulekwa ukuthi baqaphele uma beqhasha umculi waseNingizimu Afrika owine imiklomelo, uMakhadzi, kulandela uchungechunge lwezingxabano ezibikiwe eziphathelene nokungaveli emicimbini, izimali zokubhukha, kanye nokungaboni ngaso linye ngezivumelwano phakathi neminyaka embalwa edlule.
Udaba lwakamuva oluvele eBotswana, lapho lo mculi abhekane khona nengxabano yezomthetho nomhleli wemicimbi uGilbert Seagile wakwa-Gilbert Promotions, mayelana nomcimbi obuhleliwe obubizwa ngokuthi ‘One Woman Show’. Le ngxabano kubikwa ukuthi iholele ekutheni inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi angalishiyi izwe kuze kube yilapho udaba seluxazululiwe.
Lesehlakalo asisona esokuqala ngqa lo mculi ebhekana nezinsolo ezivela kubahleli bemicimbi. Ngo-Ephreli 2022, inkampani i-Miga Events yasola uMakhadzi ngokwehluleka ukufeza isivumelwano sokucula emcimbini womndeni (family picnic) eRamatlhabama eMahikeng; kuthiwa wenza okufanayo naseWolmaransstad, eGanyesa nasePampierstad.
Abahleli bathi bakhokhe u-R70,000 ukuze acule, kodwa kuthiwa akazange afike. Ithimba eliphethe izindaba zakhe laphikisa ezinye zezinsolo, lathi imali isibuyiselwe. Ngo-Ephreli 2023, usomabhizinisi uJeffrey Malatji naye wasola lo mculi ngokungaveli emcimbini wokuvulwa kwe-Ejays Lounge edolobhaneni laseMoime, ngaphandle kwaseTzaneen, yize kuthiwa kwakhokhwa u-R45,000 enkampanini yakhe yokuqopha.
Ngalowo nyaka, umhleli wemicimbi uGregory Hlatshwayo naye wamsola ngokungaveli emcimbini i-‘Exclusive White Lifestyle’ eKempton Park, yize kuthiwa wathola u-R80,000 njengenkokhelo yokubhukha. NgoJanuwari 2024, omunye umhleli, uMfundo Mathonsi, kubikwa ukuthi wafuna kubuyiswe imali ngemuva kokusola lo mculi ngokungaveli emicimbini emithathu ebihlelelwe eMpumalanga.
Muva nje, kwavele kwabanesibhicongo abahambi bomcimbi bacekela phansi imphahla emcimbini i-‘Kwaslondon Fun, Games and Musical Festival’ ngoDisemba 2024, ngemuva kokuthi uMakhadzi ehlulekile ukuvela.
Ithimba eliphethe izindaba zakhe lithe umhleli womcimbi akazange azifeze izivumelwano zokukhokha ezazivunyelwene ngazo. Lezi zigameko ziphakamise imibuzo mayelana nokubaluleka kwezivumelwano ezicacile, ukuxhumana okuhle, kanye nokuziphendulela embonini yezokuzijabulisa
Abahleli bemicimbi bayakhuthazwa ukuthi baqinisekise amalungiselelo okubhukha, imibandela yokukhokha, kanye nezibopho zokwenza umsebenzi ngaphambi kokungena ezibophweni zezimali.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
