
Inhlangano ye-Miss South Africa imemezele abantu abangu-12 abangene kowamanqamu, abazoncintisana ukuze bathole isicoco emcimbini wokugcina ka-2026 ozoba ngomhlaka-14 November 2026.
Lo mcimbi wokugcina uzobanjelwa e-Sandton Convention Centre, kanti izibukeli zizokwazi ukuwubuka bukhoma ku-Mzansi Magic, isiteshi se-DStv ku-161, kusukela ngo-19:30 ebusuku.
Labo abangene kowamanqamu bakhethwe ngenqubo yokuhlola eyenziwe ngezigaba eziningana, ebihlola amakhono abo obuholi, amakhono okuxhumana, ukuba nenhloso ecacile, kanye nokuzibophezela ekuletheleni umphakathi izinguquko ezinemiphumela emihle.
Muva nje, inhlangano ye-Miss SA yethule ithimba lamajaji alo mcimbi; okubalwa kulo u-Advocate Thuli Madonsela, uNatasha Vermaak, uMusa Mthombeni kanye noPumla Molope. Kuqinisekisiwe nokuthi uLawrence Maleka noJo-Ann Strauss yibo abazosingatha lo mcimbi wokugcina e-Sandton Convention Centre.
U-Maleka no-Strauss bazohola uhlelo kuze kube semaphethelweni.
Kukhaphethi obomvu, uKuhle Adams noKatleho Sinvasan bazokwamukela abahambeli momcimbi ngaphambi kokuba uqale, kanti abahambeli bawo bazoqala ukufika ngo-16:00, bese iminyango yendawo yomcimbi ivulwa ngo-19:00.
Uhlu lwabazoncintisana kowamanqamu we-Miss SA 2026:
- Alia Khan Koumantarakis
- Amogelang Bunu
- Bonolo Marang Motau
- Cwenga Koyana Kotu-Rammopo
- Katlego Malebye
- Lesego Khumo Nyathela
- Makhosazana Azana Masango
- Ndivanga Muravha
- Palesa van Rooyen
- Simone Nonhlanhla Tshituka
- Tiyani Makamu
- Zoalize Jansen Van Rensburg
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
