
Isihlabani sakumabonakude eNingizimu Afrika, uDineo Ranaka, ubuya nesizini entsha yohlelo lwakhe lwezingxoxo nosaziwayo, i-Sip & Talk.
Isizini yesibili yalolu hlelo iqale ngokusemthethweni ngoLwesine, womhlaka-22 October 2026, ngo-19:00 ku-Mzansi Magic (isiteshi se-DStv esingu-161).
Kulokhu, i-Sip & Talk ibuye ngamandla ngezihloko ezinesigqi, abantu ababhekana nazo ezifana nokuba ngumzali, yizinkinga zezingane zandawonye, ubudlelwano obungahambanga kahle, nokunye okuningi.
Esiqeshini sokuqala uDineo uhlale phansi noVele Manenje owaduma kakhulu eshayela uhlelo lakumabonakude i-Our Perfect Wedding (OPW) isizini ka-8 neka-9 kuMzansi Magic 161 kanye noNonkanyiso “LaConco” Conco, owaduma kakhulu ohlelweni i-The Real Housewives of Durban nowawina umklomelo we- Best TV Presenter kuma-SAFTA ka-2024 ngohlelo i-Forever Thina.
Kulesi siqephu badingide udaba lokulungisa nokwehlisa isisindo emzimbeni nokuyinto abayichaze njengokuzinakekela ngokwempilo njengoba kunezifo ezahlukene ezihambisana nokukhuluphala.
Lolu hlelo lwaqala ukukhonjiswa ngoNovember 2023, kanti selokhu lunikeza ababukeli imibono ehlukene ngezimpilo zosaziwayo baseNingizimu Afrika, ingena ijule ezimpilweni zosaziwayo, ivezele abalandelile babo esinye isithombe ngale kwaleso abasiveza emiphakathini.
Isizini entsha iphinde ibe nohlu oluhle lwezivakashi okubalwa kuzo; uSonia Mbele, uMpho Wabadimo, uLaConco, uSteve Lekoelea, uZizo Beda, kanye noVele Manenje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
