
INK-Kasi Xperience yethula umcimbi wayo waminyaka yonke nokuwumcimbi ozokuba ngomhlaka-19 December 2026 kanti ithi ifisa kufezeke iphupho layo lokugcwalisa iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
IKhansela likaward 40 uSithembiso Mzimela uthi uyayeseka INK-Kasi Xperience, njengoba inendima enkulu eyidlalayo emnothweni waselokishini nokuyinto okumele ivikelwe kakhulu.
USihlalo we-INK Tourism (Inanda, Ntuzuma, neKwaMashu Tourism) uMfanafuthi “Futhi” Sibiya owaziwa kakhulu ngoBab’Futhi, uthi ufisa sikhuthazane, ngokuvikela nangokukhangisa indawo yase-INK njengendawo ephephile yezokuvakasha, ephathana kahle nejabulisayo ukuba kuyo.
Usomabhizinisi waKwaMashu uPhilani Ngwenya owaziwa kakhulu ngelikaSplash uthi isizathu sokusungula i-INK-Kasi futhi iqhubeke ngalendlela uMandla “Mampintsha” Maphumulo, ongasekho emhlabeni.
Lo somabhizinisi uthi uzishaya isifuba ngokuthi nguye umuntu wokuqala owaletha uDj Black Coffee elokishini lapho ithikithi lalidayiswa ngo-R40 kusekhona iLacoste Lounge KwaMashu, washayela ihlombe uSindisiwe Zungu, owaziwa ngoDJ C’ndo njengomuntu wesifazane wokuqala owaba nguDJ lapha esitebeleni somculo i-Afrotainment.
“Ngithanda ukukhuthaza abantu esihlela nabo imicimbi ukuba singabheki uhulumeni kakhulu, uhulumeni kufanele aseseke entweni esiyenzayo kodwa into ebalulekile asibekeni imali yokuthi sikwazi ukuqala ebese uhulumene angenelele entweni esivele ikhona noma ngabe yiluphi uhlobo lwebhizinisi, ube nothando lwayo.”
Kulo nyaka i-INK-Kasi iveze ukuthi izobe isebenzisana nomsakazo omkhulu KwaZulu-Natal iGagasi FM, ezobe isakaza bukhoma kulo mcimbi.
Omunye wabaculi abazobe bendandisa kulo mcimbi uNtokozo Zakwe waKwaMashu, ubonge impatho yabasunguli be-INK-Kasi Xperience nangendlela abaphakamisa ngayo amaciko asemalokishini INanda, Ntuzuma, neKwaMashu.
Kulo mcimbi kuzobe kunandisa abaculi abaningi abanedumela okubalwa kubo; uDJ Zinhle, Sjava, Babes wodumo, uKelvin Momo, u-Emtee, uMgilane nabanye.
Amathikithi alo mcimbi ayatholakala ePick n Pay, eSpar, naseTicketpro kanti aqala ukuthengisa ngo-R150(Early Bird), R200(General), R250(General) no-R400(VIP).
IZITHOMBE:







Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
