
UNgqongqoshe wezeziMali, u-Enoch Godongwana, usememezele izindaba ezinhle ngesikhathi ethula inkulomo yakhe yesabelomali saphakathi nonyaka.
Ungqongqoshe umemezele ukwehla kwengcindezi yokwenyuka kwentengo kaphethiloli okwesikhashana.
UGodongwana ethula isabelomali saphakathi nonyaka, uthe intela kadizili izokwehliswa ngo-R3 ilitha, kanti ekaphethiloli yona izokwehla ngo-R1.50 ilitha.
Ungqongqoshe uthe ukwehla kulindeleke ukuthi kuqale ukusebenza kusukela ngomhlaka-4 November 2026 kuze kube wumhlaka-1 December 2026.
Kodwa akugcini lapho., uGodongwana uthe lokhu kuzoqhubeka ngamanani aphansi kuze kube wumhlaka-5 January 2027, lapho udizili uzokwehliswa ngo-R1.50 ilitha bese uphethiloli wehle ngo-R1 ilitha.
Kuzokhumbuleka ukuthi lokhu kwehliswa kulandela ukukhuphuka kakhulu kwentengo ngo-2026.
Ngasekuqaleni kwale nyanga, uMnyango wezokuMbiwa Phansi umemezele ukunyuka kukaphethroli ngo-October, njengoba uphethiloli unyuke ngo-R3.33 ilitha phakathi nezwe wafinyelela ku-R30.25 eGauteng kanti ogwini ufinyelele ku-R29.38. Udizili unyuke ngo-R2.84 wafinyelela ku-R3.24 ilitha, kwathi upharafini wama-wholesale wenyuka ngo-R3.58.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
