
Kutholakale owesifazane oneminyaka engu-36 ubudala eseshonile ekamelweni lakhe emqashweni, eWaterloo, ePhase 5, KwaZulu-Natal, ngoMsombuluko, womhlaka-19 October 2026.
Lokhu kungemuva kokuba umyeni wakhe, kuthiwE ushiye ingane yabo enezinyanga ezingu-15 izelwe nomakhelwane, wangabe esabuya.
Onogada bakaw-Reaction Unit South Africa (RUSA) bafike endaweni yesigameko cishe ngezithuba zabo-17:28, bathola owesifazane elele ngesisu phezu kwengubo yokulala.
Abezimo eziphuthumayo bahlonze lo wesifazane njengoshonie khona endaweni yesigameko.
Kubikwa ukuthi umyeni utshele umfowabo ukuthi unkosikazi wakhe ushelele wawa waquleka, ngaphambi kokuba kucishe ucingo lwakhe.
Omakhelwane kanye nomuntu osondelene nomndeni bathi lo muntu wayekade emshayile unkosikazi wakhe ngaphambilini ngesikhathi edakwe utshwala.
Imininingwano yembangela yokushona kwalo wesifazane kanjalo nokuthi ukuphi umyeni wakhe ayikaziwa okwamanje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
