
UNkosikazi wesihlabani somculo wokholo uDumi Mkokstad, uDkt. Ziphozenkosi Nzimande, ushiye angalazi evikela umyeni wakhe kulandela ukusabalala kwezithombe ezingama-screenshots okusolwa ukuthi ziveza imiqhafazo yothando lapho akhuluma khona nowesifazane othile.
UZipho uphawule ezinkundleni zokuxhumana i-Instagram ka-Andile KaMajola ongomunye umculi wokholo lapho afake khona isithombe sikaDumi Mkokstad nomyalezo omude wokumeseka.
UNkosikazi kaDumi Mkokstad uhlulwe ukuzibamba, waphendule ngaphansi komunye wabalandeli u-@miss_sinjan, obephawule ngokuthi: Kumndani ukuba yindoda engumKrestu, lapho wesekwa khona ngabafoweni ebandleni, bevikela igama lakho uma kuvela izinsolo zokungathembeki emshadweni.
Ukuphawula kuka-@miss_sinjan: “Yhoo kumandi ukuba ngumzalwana, you cheat and have your brothers in Christ defend your name😢 oh hayi kodwa”
UZipho ephendula lo mlandeli uqhube waze wambuza ukuthi yena angazizwa kanjani uma ngase kusatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana izingxoxo ezingaqinisekisiwe ezibandakanya yena siqu sakhe ngaphezu kwalokho kube khona nabantu abangaziwa abasongelaumndeni wakho bezama ukubhidliza yonke into aseyisebenzele impilo yakhe yonke.
“Manje-ke, uma abantu abakuthandayo bekuvikela, ingabe lokho kubabeka ephutheni?” kubuza yena.
Instagram:
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
