
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uSiboniso Duma uthi ukuboshwa kwabashayeli abangu-44 e-Estcourt ezinsukwini ezimbili kuwuphawu olucacile lokuthi iamaphoyisa ophiko lwe-Road Traffic Inspectorate(RTI) ihlose ukuwuqhuba kanjani umsebenzi we-Operation #NenzaniLaEzweni ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
UDuma uthi akusekho kubuyela emuva, futhi unikeze amathimba e-RTI kanye ne-Operation Shanela umyalelo wokukhuculula imigwaqo ngaphambi kokuba kuqale isikhathi samaholidi.
Phakathi kwalabo ababoshwe e-Estcourt ngempelasonto kubalwa othisha, amanesi, abashayeli bamatekisi, abamaloli nabanye.
UNgqongqoshe utuse ithimba le-Road Traffic Inspectorate (RTI) elisebenza ngokuzikhandla eliqhuba imisebenzi ye-#NenzaniLaEzweni e-Estcourt, eNewcastle, eNquthu, eDundee nakwezinye izindawo.
Njengoba sekubhekwe kuDecember, i-RTI izokwandisa imisebenzi ye-Operation #NenzaniLaEzweni ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe, kusho uDuma.
“Selokhu saqalisa lo mkhankaso ngo-August ngonyaka odlule, sesibophe abashayeli ababalelwa ku-7000 ngenxa yokushayela bephuze amanzi amponjwana. Sikhiphe abasayela budedengu emigwaqeni ngaphambi kokuba badale izingozi zomgwaqo.
“Ngenxa yesimo sezulu esihle esinaso, iKwaZulu-Natal izophinde ibone ukufika kwenqwaba yabantu abazochitha amaholidi lapha. Njengoba befika kulesi sifundazwe, sifuna ukubaqinisekisa ngokuphepha kwabo emigwaqweni. Umsebenzi usuqalile manje, njengoba sigubha iNyanga yezokuThutha.”
UNgqongqoshe uthi uxwayisa labo abazozama ukwenza okungafanele emigwaqweni ukuthi amathimba e-RTI kanye ne-Operation Shanela ngeke abe nesihe kubona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
