
Umdlalo ophrojuswe eNingizimu Afrika obizwa nge-Confessions of a Gold Digger: I Hate Loving My Boss! uzoqala ukukhonjiswa eNew York City, e-ALZA, ngoMgqibelo, womhlaka-17 October 2026.
Lo mcimbi, oqala ngomhlaka-16 kuya kumhlaka-18 October ubungaza izinto eziningi okuhlanganisa, abaholi bemboni yezokungcebeleka, abenzi bamafilimu nabanye.
Kulo mdlalo ophrojuswe yi-Forge Ignite Media & Entertainment kanye ne-Global Media Enterprises, sizobona umlingisi uShoki Makeba, ongumuntu osazizamela nesibona impilo yakhe iguquka ngendlela engalindelekile lapho ehlangana khona nesicebi, esiyisikhulu esipheulu senkampani yezobuchwepheshe simnika umsebenzi. Kepha, leli thuba elingandele bani liza nenjongo eyimfihlo: ukuziphindiselela ngokuxhashazwa nguShoki besafunda ekholeji.
Lolu chungechunge lomdlalo luqukethe abalingisi okuhlanganisa; u-Amohellang Magane, uWonder Ndlovu, uPhalang Phale no-Armstrong Koko.
Ngaphezu kokubukwa kwalo mdlalo, uzophinde ube yingxenye yengxoxo yephaneli enesihloko esithi-Small Screens, Big Reach: Africa Goes Vertical, ebheka amathuba ethalente lase-Afrika embonini ye-microdrama ekhula ngokushesha.
Omunye wophrojusa bomdlalo, uThokozani Nkosi uthe ukwethulwa kokuqala kwalo mdlalo, kuyithuba lokukhombisa okuqukethwe kwase-Afrika ezingeni lomhlaba kuphinde kuvule neminyango yokusatshalaliswa kanye nelayisensi.
Okunye kuhlelwe ukuba lo msebenzi uqhubeke, njengoba kuhlongozwa isizini yesibili enesihloko esithi I’m Trapped in My Marriage.

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
