
Kushone abantu abane esigamekweni sokudubula esikoleni samabanga aphansi esifundazweni sase-Oregon, e-US.
Isigameko sokudubula esenzeke esikoleni i-Silver Rail Elementary School siqale cishe ngezithuba zabo-13:00, ngesikhathi amaphoyisa ethola ucingo oluvela kumuntu othe imoto yakhe idutshuliwe.
Ngemuva kwemizuzwana, amaphyisa abe esethola ezinye izingcingo eziphuthumayo ezibika ngomsolwa, amaphoyisa athi umfana oneminyaka engu-16 ubudala ongene esikoleni.
Amaphoyisa athi umuntu obekhona eduze nobone isigameko siqala, nguye olandele umsolwa eduze wangena naye esikoleni, wabe esemdubula wambulala.
Ngemva kwemizuzu emithathu, amaphoyisa afika endaweni yesigameko. Aqinisekisa ukushona komsolwa, abese esesesha isikole sonke.
Inhloko yamaphoyisa ase-Bend, uMike Krantz, uthe kwabashonilee, kubalwa izingane ezintathu ezineminyaka engu-5, 8, nengu-11 ubudala, kanye nothisha oyedwa.
Ukrantz, uthe kuphuthunyiswe esbhedlela ingane eneminyaka eyisikhombisa ubudala kanye nothisha oneminyaka engu-54 ubudala benamanxeba abucayi kakhulu.
Izikole kulo lonke idolobha lase-Bend zivaliwe ngoLwesihlanu, iziphathimandla zithi umphakathi udinga isikhathi sokululama kulokhu okwenzekile.





Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
