
Kushone uthisha nabafundi abalinganiselwa ku-27 ngesikhathi kubhodloka uphahla esikoleni besekilasini eDolobheni iPeshawar, ePakistan.
Iningi la laba fundi lineminyaka engaphansi kwengu-13 ubudala kanti iziphathimandla zizwakalise ukukhathazeka ngokuthi isibalo sabashonile singase senyuke.
Okhulumela isibhedlela i-Lady Reading, uMohammad Asim uthi iningi labashonile lifike esibhedlela, kanye nabanye abangu-20 abathole ukulimalalimele, kusho okhulumela isibhedlela uMohammad Asim.
Lesi sikole esizimele i-Al-Khair Education Center sitholakala e-Dir Colony, edolobheni elisenyakatho.
Amathimba abhekelele izinhlekelele abesematasa ethutha izidumbu kanye nabalimele ebasa ezibhedlela, kusho isikhulu sikahulumeni uBilal Faizi.
Owethimba elibhekelele izinhlekelele uthe uphahla lwesitezi esiphezulu luwele phezu kophahla lwesitezi esingezansi, okubangele ukuthi nalo luwele phezu kwabafundi ababesekilasini.
Kuthelevishini kubonakale ama-ambhulensi ephuthuma endaweni yesigameko, kanye nabasebenzi bezokuhlenga bekhipha abafundi abagcwele igazi ngaphakathi kwemfucumfucu yesakhiwo esiwile.
“Kuze kube yimanje sesikhiphe izingane ezilinganiselwe kwezingu-45 phakathi kwemfucumfucu,” kusho isikhulu sezimo eziphuthumayo esifundeni, u-Iftikhar Khan.
Uqhube wathi kukhona imibiko ethi kusekhona ezinye izingane ezivaleleke ngaphansi kwemfucumfucu.
Izithombe:





Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
