
Abezicishamlilo eThekwini nabezimo eziphuthumayo bahlenge owesifazane obevaleleke esontweni ngesikhathi kusha ubuhanguhangu ibhilidi elinezitezi ezimbili ekhoneni likaMbilo Road no-Che Guevara Road ngoLwesithathu ebusuku.
Imibiko yokusha kwaleli bhilidi ingene cishe ngezithuba zabo-20h20 ebusuku, kwabe sekujutshwa ngokushesha ithimba lezicishamlilo. Ngesikhathi befika, bathola zombili izitezi zebhilidi zingqongqa.
Isitezi esingaphansi sinendawo okufakwa nokulungiswa kuyo amathayi ezimoto nokubekwe kuyo inqwaba yawo kanti ngenhla, esitezi sesibili kunesonto.
Izicishamlilo zibhukule entuthwini emnyama bhuqe nelangabi elinzima zaze zafinyelela kowesifazane obevaleleke ngaphakathi esontweni. Lo wesifazane ulashwe endaweni yesigameko ngenxa yokuhogela intuthu eningi ngaphambi kokudluliselwa esibhedlela eyothola ukulashwa okwengeziwe.
Izicishamlilo zibhule ilangabi ngemizuzu eyishumi bakwazi ukulivimba ekutheni lingabhebhetheki ezindaweni eziseduze. Ayikho imibiko yabashonile noma eyabalimalile.
Imbangela yomlilo isaphenywa.
Imininingwano yophenyo lokuqala ithi kungenzeka ukuthi kuphonswe into edale lo mlilo kuleli bhilidi.
Abaphenyi basalokhu bekhona endaweni yesigameko ukuze bathole imbangela nomsuka womlilo.
Izithombe:





Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
