
Zingu-28 iziboshwa zaseWestville Correctional Services eThekwini, kwezingu-268 ezweni lonke ezibhala izivivinyo zeNational Senior Certificate zango-2026.
Isifundazwe saKwaZulu-Natal zineziboshwa ezingu-50 ezibhala izivivinyo zazo zikaMatric kulo nyaka.
NgoLwesine ekuseni, uKhomishana Kazwelonke wezokuHlunyeleliswa kweZimilo (Correctional Services), uMakgothi Thobakgale, uhambele esikoleni iSethubeni Youth School esisesikhungweni saseWestville eThekwini ukuze aqaphe ukuqala kwezivivinyo.
IWestville inomlando omuhle kakhulu wokuphumelela ngo-100% iminyaka eyishumi ilandelana.
UThobakgale ugqugquzele iziboshwa ezifundayo ukuthi zibuke ngale kwezimo ezibhekene nazo njengamanje, futhi zisebenzise imfundo njengesinyathelo esiya kwikusasa elingcono.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
