
Amaphoyisa KwaZulu-Natal asevule amacala amabili okubulala kanye namathathu okuzama ukubulala, kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe khona abantu ababili, indoda nowesifazane e-Area 24 eMgababa eningizimu yeTheku, ngoLwesine ntambama.
Imibiko ikhomba ukuthi abesifazane ababili nowesilisa oyedwa, abavela eqenjini lezombusazwe, kanye nabaqaphi babo ababili, bebeqhuba umkhankaso wokuvakashela imizi ngemizi ngesikhathi kufika imoto yohlobo lwe-Isuzu emhlophe ibalandela ngemuva.
Abantu abebehlezi kule moto kuthiwa bavulela ngenhlamvu kulaba bantu abahlanu besebenzisa izibhamu ezinkulu kanye nezincane. Abantu ababili, okungowesilisa nowesifazane bahlonzwe njengabashonile endaweni yesigameko, kanti owesifazane oyedwa kuthiwa ulimele umlenze ngesikhathi ezama ukubaleka. Abaqaphi ababili bona bavele babaleka endaweni yesigameko kanti abakatholakali.
Imbangela yokubulala ayikaziwa, kodwa izinsolo zokuthi kuhlobene nezombusazwe zisekhona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
