
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal achitha amahlebezi, izinsolo, noma izitatimende ezithi kukhishwe incwadi yokubopha abaholi be-‘March and March’ kanye ne-‘South Africa First Forum’.
Nakuba amaphoyisa ngokuvamile engaphenduli ezinsolweni ezingenabo ubufakazi, kodwa ngenxa yesimo esikhona kanye nokuthi lezi zinsolo zingadala ukwethuka phakathi kwezakhamuzi, amaphoyisa afisa ukucacisa iqiniso futhi aphike amahemuhemu okuthi kukhishwe incwadi yokubopha la baholi nbalezi zinhlangano. Eqinisweni, amarekhodi amaphoyisa akhombisa ukuthi alikho icala elibhalisiwe elibhekene nabo.
Amaphoyisa anxusa izishoshovu ukuba zibe ngabaholi abafanelekile bakugweme ukwenza izitatimende ezingacatshangisiswanga nezingaholela kudlame. Uma umuntu esola ukuthi kukhishwe incwadi yokubopha ebhekene naye, kufanele axhumane namaphoyisa ukuze ezokwenza isiqiniseko.
Khonamanjalo, iNational Prosecuting Authority (NPA), nayo ifisa ukuphendula ngesitatimende esikhishwe yinhlangano i-March and March Movement, esimayelana nokuthi kukhishwe izinwadi ezigunyaza okuboshwa kukaJacinta MaNgobese Zuma noXolani Zuma.
I-NPA iphika ngokuqinile ukuthi ayikaze iyikhiphe incwadi egunyaza ukubopha abantu nanokuthi ayiyitholi imiyalelo evela kumaqembu ezepolitiki, kubantu abasezinkhundleni zikahulumeni nakunoma ngubani mayelana nemisebenzi yokushushisa. Ithi ithatha izinqumo zokushushisa ngokuzimela nangokungakhethi, iqondiswa kuphela uMthethosisekelo, imithetho, kanye nobufakazi.
Ngokomgomo ojwayelekile, i-NPA ayijwayele ukuphawula ngezindaba eziphathelene nokusebenza kwayo; njengokuboshwa okungenzeka noma uphenyo, ngaphambi kokuba inqubo yezomthetho ehlobene nalokho ipothulwe. Uma udaba selungeniswe ezinkantolo, amacala kanye nezizathu zokushushisa kuzokwaziwa ngokusebenzisa inqubo ejwayelekile yezomthetho.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
