
U-Clement Maosa ugubhe iminyaka engu-15 yomdlalo wethelevishini i-Skeem Saam ngokukhumbula izikhathi zakudala ngendlela ejabulisayo.
Umdlalo i-Skeem Saam waqala ukukhonjiswa kuthelevishini ngomhlaka-13 ku-October 2011, ku-SABC1.
NgoLwesithathu, lo mdlao onezimfundiso uhlanganise iminyaka engu-15 selokhu waqala ukukhonjiswa.
Kuyinto enhle kakhulu ukubona ukuthi lo mdlalo usenabo abanye babalingisi bawo bokuqala, futhi bakhule nawo kanti omunye wabo ngu-Clement Maosa, odlala indawo enkulu kaZamokuhle ‘Kwaito’ Seakamela.
UKwaito waqala njengomfana wesikole samabanga aphezulu owayenezinkinga. Kwathi zisuka nje, uKwaito nomngani wakhe uThabo ‘TBose’ Maputla bashayisa uBen Kunutu ngemoto, washonela endaweni yesigameko.
Lokhu kwabangela laba bafana ukuba babhekane nezinselelo, okuhlanganisa necala enkantolo.
UKwaito wazama ukuqoqa impilo yakhe ngokugxila ezifundweni zakhe, wabe esenza kahle kakhulu esikoleni, waphinde waba ngumbhali wezincwadi ezishicilelwe, kanti kukhona nalapho abanguthisha khona.
Yize kunjalo, izinkinga zazilokhu zimlandele njalo ngisho nasekukhuleni kwakhe.
Njengamanje ungumuntu oshadelwe, ungubaba futhi uphethe ibhizinisi alisungula ngokubambisana no-Tbose.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
