
Umculi uJohn Legend wengeza izinsuku ePitoli naseKapa ohlelweni lwakhe lohambo lwaseNingizimu Afrika lwango-2027
UJohn Legend wengeza lokhu kulandela ukuthengiswa kahle kakhulu kwamathikithi.
Lo mculi, osewine izindondo zeGrammy izikhathi ezingu-13, uzoletha uhambo lwakhe olubizwa ngokuthi yi- “The Muse Tour” eNingizimu Afrika ngoFebruary 2027, lapho sekuhlelwe khona amakhonsathi amahlanu emadolobheni amathathu.
Imibukiso eyengeziwe izoba ngomhlaka-21 February, eSunBet Arena, eTime Square, ePitoli, kanye nangomhlaka-26 kuFebruary, eGrand Arena, eGrandWest, eKapa.
Uhlelo oluphelele lohambo lukaJohn Legend eNingizimu Afrika
Uhlelo olubuyekeziwe luhlanganisa lokhu okulandelayo:
ngoMgqibelo, 20 February 2027: SunBet Arena, Time Square, Pretoria
ngeSonto, 21 February 2027: SunBet Arena, Time Square, Pretoria (Usuku olwengeziwe)
ngoLwesibili, 23 February 2027: Durban ICC, Durban
ngoLwesine, 25 February 2027: Grand Arena, GrandWest, Cape Town
ngoLwesihlanu, 26 February 2027: Grand Arena, GrandWest, Cape Town (usuku olwengeziwe)
Instagram:
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
