
I-MK Party isikhethe imeya yayo yokuqala ngqa KwaZulu-Natal, uReggie Ngcobo ethatha sikhundla kuMasipala weNdawo yaseRichmond kulandela uKhetho loHulumeni baseKhaya KwaZulu-Natal, olwalunmgomhlaka-4 November 2026.
UNgcobo, oyilungu leqembu elivela kwisifunda saseMgungundlovu, ukhethwe ngaphandle kokuphikiswa ngoLwesithathu ngesikhathi somhlangano wokuqala womkhandlu kamasipala.
UJoyce Ndleleni, naye oyilungu leqembu, ukhethwe njengePhini leMeya, kanti uDerrick Thompson ukhethwe njengoSomlomo womkhandlu.
Esitatimendeni, i-MK Party KwaZulu-Natal ichaze lokhu kuqokwa njengomzuzu womlando kanye noguquko olubalulekile esimeni sezombusazwe esifundazweni.
“IRichmond ingena esigabeni esisha sobuholi bendawo, ithwele okulindelwe, izifiso kanye namathemba abantu bayo.
UNgcobo ngaphambilini wayesebenza njengomhleli we-MK Party esifundazweni saKwaZulu-Natal, kodwa wasuswa kulesi sikhundla ngoMarch kulandela ukushintshwa kobuholi esifundazweni.
I-MK Party ithole isibalo esikhulu samavoti emikhandlwini engu-19 kwengu-34 KwaZulu-Natal lapho kungekho qembu elithole iningi eliphelele khona, nokuqinisa ukuba khona kwayo esifundazweni sonke.
Kepha-ke, eRichmond, iqembu lithole iningi eliphelele, lawina izihlalo zomkhandlu ezingu-10, okuyinto eyenza likwazi ukuhola lo masipala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
