
I-UMlazi International Film Festival (UIFF) iyaqhubeka nokukhulisa isithunzi sayo emkhakheni wezamafilimu, njengoba kulo nyaka ibeka eqhulwini ukusebenzisa amafilimu, ezokuvakasha kanye nobuciko njengethuluzi lokuthuthukisa imiphakathi.
Le festivali, ezoba kusukela ngomhlaka-23 kuya kumhlaka-28 November 2026, ithembisa ukuza nezinhlelo ezintsha ezizovulela abakhiqizi bamafilimu amathuba, zihehe abatshalizimali, futhi ziphinde ziqhakambise ithalente elikhona emalokishini.
Umunye wabasunguli wale festivali, oyiSikhulu esiPhezulu, uMichael Ngema uthi ukukhula kwefestivali kubonakala ngokuthi kulo nyaka amafilimu amathathu, akhethiwe kulefestival, azokhonjiswa eCinema yaseSuncoast, okuyi-Emanzini, iThemba kanye ne-Dance with Me.
Ukukhonjiswa kwala mafilimu kule ndawo kuyingxenye yemizamo yokwandisa amathuba okuthi imisebenzi yabasunguli bamafilimu ifinyelele kubabukeli abaningi futhi ithole ukuqashelwa ezinkundleni ezahlukene.
Okunye okugqamile kulo nyaka wuhlelo lokusebenzisa impumelelo yefilimu ethi Emanzini ukusiza umphakathi, ngokuthenga amathangi amanzi azonikelwa kubahlali baseFolweni, eNsimbini, eningizimu yeTheku.
NgokukaNgema, umnikazi wale filimu unezinhloso ezinhle zokusebenzisa imali etholakala ngayo ukuze kube noshintsho ezimpilweni zabantu. Uthi uyajabula ngalolu hlelo ngoba luhambisana nendikimba yalo nyaka ethi, “Building Communities Through Films and Tourism” .
Ugcizelele ukuthi umkhakha wezamafilimu akumele ubhekwe njengomkhakha wokuzijabulisa kuphela, kodwa kufanele ube yinkundla ekwazi ukuvula amathuba nokuletha intuthuko emiphakathini. Lolu hlelo luyisibonelo sendlela amafilimu angaba negalelo ngayo ekubhekaneni nezinselelo ezibhekene nemiphakathi.
UNgema, uphinde waveza ukuthi ekuqaleni kwalo nyaka, i-UIFF yethule i-The AN DUMAKUDE Offset Creative Resource Centre e-Umlazi High School, okuwumsebenzi ohambisana nomgomo wokusebenzisa ubuciko njengendlela yokuthuthukisa amakhono nokuvulela abantu abasha amathuba.
UNgema uthi kuningi okusha okulindele izihambeli kulo nyaka.
Phakathi kwezinto ezintsha kuzoba nohambo lwe-Rickshaw Bus, okuyibhasi elinezitezi ezimbili lakwaDurban Tourism, elizobe lithwele izivakashi lizihambisa ezindaweni ezahlukene zaseMlazi ukuze zizibonele mathupha ubuhle belokishi namathuba alo kwezokuvakasha. Lolu hambo luzoqala luphinde luphele kwaMax’s Lifestyle Village.
Kuzophinde kube nezivakashi ezivela eMelika, okubalwa kuzo abakhiqizi abakhulu bamafilimu ase-United States, kanye nabatshalizimali abavela eCanada naseBotswana. Ukuba khona kwabo kulindeleke ukuthi kuvule amathuba okuxhumana nokusungula ubudlelwano obusha nezinkampani ezikhiqiza amafilimu eMlazi nasezindaweni ezakhelene nayo.
Phakathi kwezinye izinhlelo ezizoba yingxenye yale festivali, kubalwa olwe-Watch in Your Community, olwethulwa nguToni Monty. Lolu hlelo luhlose ukubheka ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi kube nezindawo zokubukela amafilimu emiphakathini, ukuze abantu bakwazi ukujabulela amafilimu beseduze namakhaya abo ngaphandle kokuthi bahambe amabanga amade beyofuna ama-cinema amakhulu.
Mayelana nohlelo lwalo nyaka, uNgema uthi umcimbi uzovulwa ngohlelo olukhulu kwa-Max’s Lifestyle Village, kanti ezinye izinhlelo zizokuba seMangosuthu University of Technology (MUT), lapho imisebenzi izoqhubeka khona kuze kube ngumhla zingama-28 kuNovemba.
Kulindeleke ukuba khona kukaGugu Zuma-Ncube, ongomunye wabantu abaqavile enkampanini ekhiqiza amafilimu iStained Glass Productions, kanye nabanye ababambiqhaza emkhakheni wezamafilimu. Kuzophinde kube nezivakashi ezivela eMelika ezizobe zifuna amathuba okusebenzisana nezinkampani ezikhiqiza amafilimu eMlazi nasezindaweni ezakhelene nayo. ULindelani Mkhize naye ungomunye wabazobe behambele lo mcimbi.
Izikhungo ezifundisa ngezobuciko namafilimu, okubalwa kuzo i-AFDA, nazo zizoba yingxenye yalo mcimbi. Lokhu kukhombisa ukuthi i-UIFF ayigcini ngokugqugquzela ukubukwa kwamafilimu kuphela, kodwa ibheka nokuthuthukiswa kwamakhono esizukulwane esisha.
Okunye okulindelwe ngabomvu ngama-UIFF Awards, okulindeleke ukuthi abe sezingeni eliphezulu kakhulu kulo nyaka. Le miklomelo iyaqhubeka nokukhula nokuthola ukuqashelwa ngabantu abasemkhakheni wezamafilimu, njengoba inikeza ithuba lokuhlonipha umsebenzi oncomekayo wabenzi bamafilimu.
Ngaphezu kwalokho, kuzoba nohlelo lwemifundaze oluhlose ukuvula amathuba emfundo kubantu abasha, kanye nohlelo lweStained Glass Productions oluqondiswe kubenzi bamafilimu abasafufusa.
Kulolu hlelo, abakhiqizi bamafilimu abayishumi abakhethiwe bazothola ukuqeqeshwa ngezindlela zokuqhuba ibhizinisi embonini yezamafilimu. Bazothola nethuba lokuvakashela ezinkampanini zeStained Glass Productions ukuze bafunde kabanzi ngokuphathwa kwamabhizinisi, ukukhiqizwa kwamafilimu kanye nokuzakhela ikusasa eliqinile kulo mkhakha.
I-UIFF ibambisene nabaxhasi abahlukene abaneqhaza ekwenzeni lo mcimbi ube yimpumelelo. Labo baxhasi bahlanganisa iNational Film and Video Foundation, iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority, iDurban Film Office, i-eThekwini Libraries, iScore, i-Arts and Living Cultures kanye neMangosuthu University of Technology.
Kusobala ukuthi i-Umlazi International Film Festival isikhula idlula ekubeni yinkundla yokubukisa ngamafilimu kuphela. Isiphenduke inkundla yokwakha amathuba emisebenzi, ukuheha abatshalizimali, ukuthuthukisa amakhono nokukhulisa umnotho womphakathi.
Ngokubeka uMlazi phambili ezingxoxweni ngezobuciko, ezokuvakasha kanye nokutshalwa kwezimali, le festivali ikhombisa ukuthi amalokishi anethalente namandla okuncintisana ezingeni lomhlaba. Umyalezo wayo uthi amafilimu awagcini ngokuxoxa izindaba, kodwa angaba yithuluzi elinamandla lokwakha imiphakathi engcono nokuguqula izimpilo zabantu.
IZINHLELO:

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
