
Kushone umuntu oyedwa kwathi abanye ababili bathola ukulimala ngemuva kokusha komuzi oku-Ebony Link Road endaweni yaseTrenance Park, eVerulam ngoLwesihlanu ekuseni.
Amathimba ezimo eziphuthumayo i-KZN VIP athunyelwe kanye nabanye abahlinzeki bezinsizakalo ngemuva kwemibiko yokusha komuzi nanokuthi kunabantu abavaleleke ngaphakathi.
Kubikwa ukuthi umndeni ubulele ngesikhathi kuqala umlilo.
Abasebenzi bezimo eziphuthumayo banakekele abantu ababesesendaweni yesigameko. Ngeshwa, uyedwa umuntu ohlonzwe njengoshonile kulandela ukungatshengisi zimpawu zokuphila.
Abakwa-KZN VIP Emergency Response belaphe abantu ababili abalimele abanezimo ezisongela ukuphila ngaphambi kokuba babaphuthumnise eesibhedlela esiseduze ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe.
Amalungu omphakathi, abakwa-KZNVIP Emergency Response kanjalo nabakwa-SBA Security basize endaweni yesigameko ngesikhathi izicishamlilo zibhula ilangabi.
Abezicishamlilo bakwazile ukuvimbelka Umlilo ukuba usabalale kwezinye izindawo eziseduze.
Amaphoyisa ophiko lwe-SAPS abekhona endawnei yesigameko.
Imbangela yomlilo ayikaqinisekiswa okwamanje.
IZITHOMBE:




Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
