
Ukungcoliswa kwemithombo yamanzi kanye nokusetshenziswa kwawo ngokweqile kuphakathi kwezinselelo ezibeka engcupheni ukusimama kokuhlinzekwa kwamanzi KwaZulu-Natal, njengoba lokhu kungagcini ngokuthikameza ukutholakala kwamanzi kuphela kodwa kuphinde kwenyuse nezindleko zokuwahlanza.
Lokhu kuvezwe ngesikhathi uMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle ubambe umhlangano wokuxhumana nabezindaba eMax’s Lifestyle Village ngoLwesine, lapho kwethulwe khona isimo samanzi esifundazweni kanye nezinselelo ezidinga ukubhekwana nazo ukuze kuqinisekiswe ukuhlinzekwa kwamanzi okusimeme.
USiyabonga Maphumulo, okhulumela i-Mngeni-Uthukela Water, uthe ukungcoliswa kwemithombo yamanzi kungenye yezinkinga ezinkulu ezibhekene nomkhakha wamanzi, njengoba imikhuba yabantu efana nokulahlwa kwemfucuza emiseleni yamanzi emvula nasezitamukokweni inomthelela omubi emifuleni nakweminye imithombo yamanzi.
Uthe uma lina kakhulu, imfucuza elahlwe emiseleni ingakhukhuleka iye emithonjeni yamanzi, idale ukungcola nokukhula kolwelwe. Uphinde waveza ukuthi ukuxhunywa kwamapayipi endle ngokungemthetho emifuleni nakho kuyinkinga enkulu edinga ukunakwa.
Ngokusho kukaMaphumulo, ukungcoliswa kwamanzi kwenza kube nzima futhi kubize kakhulu ukuwahlanza, njengoba izikhungo zokuhlanza amanzi ziphoqeleka ukuba zisebenzise amakhemikhali amaningi ukuze ziqinisekise ukuthi amanzi ahlangabezana nezindinganiso zokuhlanzeka nokuphepha.
Uthe ukwenyuka kwezindleko zokuhlanza amanzi kungagcina kuba nomthelela enanini elikhokhwa ngabathengi, okuyinto engancishiswa uma abantu bengashintsha indlela abaphatha ngayo imithombo yamanzi.
UMaphumulo uphinde wakhuthaza umphakathi ukuba ushintshe indlela osebenzisa ngayo amanzi, wathi iNingizimu Afrika ayilona izwe elinamanzi amaningi uma iqhathaniswa namanye amazwe angomakhelwane njengeMozambique, athola imvula eningi.
Uthe ukukhathazeka ngesimo sezulu i-El Niño kanye nobungozi besomiso kugcizelela ukubaluleka kokonga amanzi, ikakhulukazi njengoba amazinga amadamu engase ehle uma imvula inganele.
Ugcizelele ukuthi ngisho namanzi amancane abalulekile, wathi ukusetshenziswa kwamanzi budedengu, ikakhulukazi ezindaweni zasemalokishini, kungaholela ekumoshakaleni kwamanzi amaningi ngokuhamba kwesikhathi.
UMaphumulo uthe umnyango uzoqinisa izinyathelo zomthetho kubantu nasezikhungweni ezitholakala zingcolisa imithombo yamanzi, okubalwa kubo abalimi nezimboni.
“Umnyango unalo ilungelo lokuthathela izinyathelo zomthetho labo abangcolisa amanzi, ngoba nakuba amanzi eyimvelo, ayinsiza elawulwa nguMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle,” kusho uMaphumulo.
Ngakolunye uhlangothi, uSizwe Hadebe, oyiNhloko yesiFundazwe yoMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uthe amazinga amanzi emadamini njengamanje asanele, ngakho awukakabi khona umqondo wokunciphisa ukuhlinzekwa kwamanzi.
Nokho, uthe ukuqhubeka kokutholakala kwamanzi kuncike kakhulu ekutheni omasipala bayakwazi yini ukuphatha nokusabalalisa amanzi ngendlela efanele.
Uveze ukuthi bakhona omasipala abasengcupheni yokubhekana nezinselelo zokuhlinzekwa kwamanzi, wabala uMasipala weTheku njengomunye wabo ngenxa yokudonsa amanzi angaphezu kwesilinganiso esivunyelwe yilayisensi yawo.
UHadebe uxwayise ngokuthi ukuqhubeka kokudonswa kwamanzi angaphezu kwesilinganiso esivunyelwe kungaphazamisa ukusebenza kohlelo lwamadamu oluhlinzeka ngamanzi, okubalwa kulo iSpringbrook Dam, iMidmar Dam, iAlbert Falls Dam, iNagle Dam kanye ne-Inanda Dam.
Uthe uma lokhu kuqhubeka, kungaba nomthelela omubi ohlelweni lonke lokuhlinzekwa kwamanzi, kuphazamise nemizamo yokuthuthukisa ingqalasizinda yamanzi esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Umnyango ugcizelele ukuthi ukuvikela imithombo yamanzi, ukulwa nokungcoliswa kwayo kanye nokusebenzisa amanzi ngendlela efanele kuyizinyathelo ezibalulekile ekuqinisekiseni ukuthi amanzi ayatholakala futhi ayakwazi ukukhokheleka emphakathini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
