
Kulindeleke ukuthi kuvalwe imidlalo eminingi kanye nokuphazamiseka kwethrafikhi eduze kweMoses Mabhida Stadium emdlalweni we-semi-final weCarling Knockout Cup.
Amaphoyisa omgwaqo eThekwini, iDurban Metro Police nxusa abashayeli bezimoto kanye namalungu omphakathi ngamalungiselelo omdlalo kanobhutshuzwayo weCarling Knockout Cup Semi-Final ophakathi kweStellenbosch FC ne-Orlando Pirates, okulindeleke ukuthi ube ngoMgqibelo, womhlaka-21 Nopvember 2026, eMoses Mabhida Stadium.
Kulindeleke ukuthi umdlalo uhehe ababukeli ababalelwa kwabangu-40 000. Umdlalo uzoqala ngo-15:30, kanti amasango enkundla azovulwa ngo-11:30.
Amathikithi athengiswa ngokwe-inthanethi. Amalungu omphakathi ayalulekwa ukuthi athenge amathikithi ngamapulatifomu agunyaziwe. Awekho amathikithi mbumbulu noma angomgunyathi azokwamukelwa enkundleni noma avunyelwe ukungena.
Indawo yokupaka izimoto izotholakala eMustering Fields, ngokunqamula ku-Battery Beach Road noSylvester Ntuli Road, eduze neNatal Command yangaphambili.
Izimoto zokuthutha umphakathi zizokwehlisa futhi zilande abagibeli ezindaweni ezikhethiwe eceleni komgwaqo uMgeni.
Imigwaqo ezothinteka:
Umgeni Road, phakathi kwaGoble Road/Smiso Nkwanyana Road kanye neSandile Thusi Road.
Sandile Thusi Road, phakathi kwe-Umgeni Road kanye nomgwaqo u-M4.
Masabalala Yengwa Avenue, phakathi kwaSomtseu Road kanye neSmiso Nkwanyana Road.
Abashayeli kufanele baphinde bakulindele ukuvalwa kwemigwaqo kusukela ku-Isaiah Ntshangase Road kuya ngaku-Umgeni Road.
Abashayeli bezimoto abangayi enkundleni yezemidlalo banxuswa ukuba basebenzise eminye imizila ukugwema isiminyaminya emigaqweni eseduze nasenkundleni yezemidlalo.
Abathandi bezemidlalo bona bayacelwa ukuba bafike kusenesikhathi basebenzise izindawo zokupaka izimoto ezigunyaziwe balandele nemiyalelo yamaphoyisa.
Amaphoyisa akwa-Metro azobe ekhona elawula ukuhamba kwezimoto eqinisekisa nokuphepha endaweni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
