
Abalandeli baseNingizimu Afrika abebenethemba lokubona mcili waphesheya kwezilwandle uJill Scott ecula bukhoma ngenyanga ezayo badumele ngemuva kokuthi amakhonsathi akhe abehlelwe ukuba abe khona ngoNovember 2026 ekhanseliwe.
Lokhu kwamenyezelwa ngumhleli wemicimbi, i-Showtime Management, ngoMsombuluko, womhlaka-19October 2026.
Bekuhlelelwe ukuthi uScott acule e-SunBet Arena, e-Time Square, ePitoli ngomhlaka-4 November 2026, kulandele umcimbi e-Grand Arena, e-GrandWest, eKapa ngomhlaka-11 November 2026.
Esitatimendeni, i-Showtime Management iqinisekise ukukhanselwa kwale micimbi, yengeza ngokuthi lo mculi nethimba lakhe babheka amathuba okubuya eNingizimu Afrika esikhathini esizayo.
Abahleli bacele uxolo kubalandeli abebekulangazelela ukubona lo mculi osewine izindondo zeGrammy kathathu, ecula bukhoma.
UScott useke wacula eNingizimu Afrika kathathu ngaphambilini; eGoli ngo-2013 nango-2024, kanye naseThekwini ngo-2017.
Izindaba ezinhle nezimnandi kulabo abanamathikithi wukuthi imali yabo izobuyiselwa ngokugcwele ngokuzenzakalelayo, ngokusekelwe emininingwaneni yokuthenga amathikithi. Abalandeli akudingeki ukuthi bafake isicelo esihlukile sokubuyiselwa imali.
Kungathatha izinsuku zokusebenza eziyisihlanu kuya kweziyishumi ukuthi imali ibuyele ku-akhawunti eyasetshenziswa ekuqaleni ukuthenga. Abanamathikithi kufanele babheke ama-email abo ukuze bathole isiqinisekiso kanye nezibuyekezo ezivela kwa-Ticketmaster South Africa.
Abalandeli imininingwane yabo yokukhokha yasekuqaleni engasasebenzi kufanele babheke imiyalezo evela kwa-Ticketmaster enemiyalelo eyengeziwe.
Uma imali yakho ingangeni ku-akhawunti yakho ngemuva kwesikhathi esibekiwe, xhumana ne-Ticketmaster South Africa ukuze uthole usizo. Imibuzo ephathelene namathikithi ingathunyelwa naku-support@ticketmaster.co.za.


Hi Tshiamo, due to unforeseen circumstances, the Jill Scott concert has unfortunately been cancelled. We sincerely apologise for the disappointment and inconvenience caused, and we understand that this was a highly anticipated event for many fans. Please be assured that all valid, unused tickets will be refunded automatically to the original method of payment. No action is required from your side to initiate the refund. Thank you for your understanding, and we once again apologise for the disappointment caused.
— Ticketmaster South Africa (@TicketmasterZA) October 19, 2026
Jill Scott being cancelled breaks my heart. First Maxwell now this. This was supposed to be the year I see my favourite artists like please. https://t.co/NfJKOmPT4U
— L (@Leago_km) October 19, 2026
Jill Scott cancelled her tour. I get it because tickets were not moving shem. Still a bummer. https://t.co/kciN8C6nQU
— Lebogang (@Lebzz_Khutswane) October 19, 2026
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
