
INkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal (KZN) eThekwini ilalele ukuthi abukho ubufakazi obukhombisa ukuxhumana phakathi kukaDuduzile Zuma-Sambudla nokuxhaswa ngezimali kwamaqembu abamba iqhaza kwizibhelu zangoJulayi 2021.
UZuma-Sambudla owayeyilungu lePhalamende leqembu i-MK uvele enkantolo ngoMsombuluko, womhlaka-26 October 2026, njengoba kuqhubeke ukuqulwa kwecala lakhe.
Lesi simo sodlame, esabhekana nokuphangwa kanye nokucekelwa phansi kwempahla, saqubuka ngemuva kokuboshwa kukayise, owayengumengameli kuleli uJacob Zuma, ngenxa yokungawulaleli umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Umbuso usola ukuthi imiyalezo kaZuma-Sambudla ezinkundleni zokuxhumana yiyo eyakhuthaza abantu ukuthi babambe iqhaza kudlame, futhi yaba negalelo ekusabalaleni kwalo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
