
Amadoda amabili aboshwe ngezinsolo zokukhipha othayela abayizivimbelo eceleni komgwaqo ama-guardrail, agcinwe esitokisini ngemuva kokuvela eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoMsombuluko.
La madoda aboshwa ngenyanga ka-August asolwa ngokuba yingxenye yalokho okubizwa ngokuthi “yi-Guardrail Mafia”.
Bekulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili, kodwa icala lihlehliselwe inyanga kaNovember ngemuva kokuba ummeli wawo ecele isikhathi esengeziwe sokuxoxa nawo.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uNdabezinhle Sibiya, uthi umnyango uzophikisa ukudedelwa kwawo ngebheyili.
Izikhulu zezokuthutha zithi labo abakhipha izivimbelo emgwaqweni KwaZulu-Natal baholela isifundazwe ophathe njengoba silahlekelwa yizigidi zamarandi, nokuyilapho bebeka izimpilo zabashayeli engcupheni.
Ekhuluma ekuqaleni kwalo nyaka, uSibiya uthe lezi zivimbelo zibaluleke kakhulu ekuvikeleni abashayeli, ikakhulukazi emigwaqweni esezintabeni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
