
Umlingisi, u-Asavela Mqokiyana, owaboshelwa ukushayele ngesivinini sika-198 km/h endaweni ka-120 km/h, uvele eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh KwaZulu-Natal ngoLwesine.
Ithimba le-Road Traffic Inspectorate (RTI) lasePark Rynie lamubamba emgaqweni u-N2.
U-Asavela uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh ngomhlaka-19 October 2026.
UMnyango wezokuThutha uthi wayeshayela imoto yohlobo lwe-BMW X3 SUV ngesivinini sika-198 km/h endaweni ka-120 km/h.
NgoLwesine, ngaphandle kwenkantolo, u-Asavela uphume ngejubane enkantolo ezifihle ngejazi lommeli wakhe eyongena emotweni yakhe yohlobo lwe-BMW.
Icala lihlehliselwe umhlaka-26 November 2026, ukuze kuqhubeke uphenyo.
U-Asavela uyindodakazi yomqeqeshi webhola owaziwa kakhulu, uManqoba Mngqithi kanti waduma ngokudlala indawo kaNtwenhle emdlalweni i-Isibaya kusukela ngo-2018 kuya ku-2021, waphinde wadlala indawo ka-Amogelang kwisizini yesibili yochungechunge i-Abomama, kanye noSizakele emdlalweni i-Uzalo.
Kubukeka sengathi u-Asavela uphinde abe nezithakazelo zebhizinisi emkhakheni wezokwakha kanye nokufuya izinkukhu.
The matter was postponed to November 26, 2026, for further investigation.
Mqokiyana is the daughter of well-known soccer coach Manqoba Mnqqithi. She became famous for playing the character of Ntwenhle in Isibaya from 2018 to 2021, and also starred as Amogelang in the second season of Abomama and as Sizakele in Uzalo.
Mqokiyana also apparently has business interests in construction and poultry farming.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
