
Icala lokukhwabanisa okuhlobene neendawo yokuhlala elibhekene nongqondongqondo wobugebengu uVusimuzi “Cat” Matlala, kanye nabanye abathathu abasolwa naye, lihlehliselwe umhla ka-11 February 2027 ukuze kuqedwe uphenyo lwezezimali.
UMatlala, unkosikazi wakhe uTsakane, udadewabo uClaudette Masethe, kanye noGift Makofane bavele eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesine.
Babhekene namacala okukhwabanisa, nenkohlalaso.
UMatlala uphinde abhekane necala elihlukile lokwephula uMthetho wokuHlonza Abantu (Identification Act), elihlobene nombhalo wokuhlonza wase-Eswatini okusolwa ukuthi wawukhwabanisiwe.
Uyekile ukufaka isicelo sebheyili, kanti abanye abathathu abasolwa naye badedelwe ngebheyili engu-R20,000 umuntu ngamunye.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
