
UMnyango wezasekhaya wengeze amahora okusebenza kuwo wonke amahhovisi awo ukuqinisekisa ukuthi abavoti abafanelekile bayabathola omazisi babo ukuze bekwazi ukuba yingxenye yoKhetho loHulumeni baseKhaya lwangomhlaka-4 November 2026.
“Amahora angeziwe azokwenza abavoti abafanelekile ukuthi nabo bakwazi ukuyolanda omazisi babo noma bafake izicelo zomazisi okanye omazisi besikhashana, phecelezix, ama-Temporary Identity Certificates (TIC),” kusho uMnyango wezaseKhaya esitatimendeni.
Kusukela ngomhlaka-2 kuya kumhlaka-4 November 2026amahhovisi omnyango wezasekhaya azovulwa ngo-08:00 ekuseni aze avalwe ngo-18:00 ntambama ukuze izakhamuzi zikwazi ukuyolanda omazisi babo, bafake izicelo zomazisi okanye bathole omazisi besikhashana uma kunesidingo.
Ngosuku lokhetho, ngomhlaka-4 November 2026, amahhovisi azosebenza kusukela ngo-7 ekuseni kuya ku-9 ebusuku, ngokuvuhambisana namahora okusebenza e-Electoral Commission of South Africa (IEC).
“UMnyango ucela abantu baseNingizimu Afrika abafake izicelo zomazisi ukuthi balande omazisi babo ukuze bezokwazi ukusebenzisa ilungelo labo lokuvota,” kusho uMnyango.
Isitatimende soMnyango wezaseKhaya:
MEDIA STATEMENT: Home Affairs extends operational hours in support of Local Government Elections [READ HERE: 👉https://t.co/HERRUhcggX] https://t.co/dbCNuLEps7
— HomeAffairsSA 🇿🇦 (@HomeAffairsSA) October 27, 2026
⏰ 7️⃣ days to go. There is still time. Apply. Collect. Be ready. Book Here 👉 https://t.co/peozmJhsrJ https://t.co/Qp5d16rz1O
— HomeAffairsSA 🇿🇦 (@HomeAffairsSA) October 28, 2026
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
