
UMasipala waseThekwini uxwayisa izakhamuzi ungezigebengu ezizenza abasebenzi bakamasipala noma izinkontileka ngenhloso yokubamba inkunzi amakhasimende, ikakhulukazi labo abanama-akhawunti kamasipala angakakhokhwa.
La bantu bafika bephethe amakhophi ezitatimende zikamasipala, izaziso zokunqanyulwa kwezikweletu mbumbulu, noma izithembiso zokunciphisa noma zokukhansela izikweletu zikamasipala ukuze bathole inkokhelo. Izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zingaxhumani nabantu abanjalo.
Amakhasimende akweleta umasipala futhi anefisa sokwenza izinhlelo zokukhokha ayakhunjuzwa ukuthi lezo zinhlelo zenziwa kuphela ezikhungweni zakwamasipala, i-Sizakala Customer Care Centre eseduzane noma emaHhovisi kaMasipala aqokiwe njengeFlorence Mkhize Building.
Akukho zinhlelo ezenziwe ngaphandle kwalezi zindawo ezisemthethweni.
Izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zingavumi nhlobo ukukhohliswa yilezi zigilamkhuba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
