
Kuxwayiswa abashayeli bezimoto ngokubongozi bokushayela behamba ngelambu, lokhu kuza njengoba abashayeli bezimoto bebhekene nokwenyuka kwentengo kaphethiloli eNingizimu Africa.
Isazi sezimoto kanye nomnikazi we-workshop u-Adam Ford uthe ukushayela ngelambu kungabangela ukuthi iphampu kaphethiloli ishise kakhulu futhi yehluleke ngaphambi kwesikhathi, njengoba uphethiloli usiza ukugcina ukuphola. Ukungcola kanye nezinsalela kungavala isihlunga (filter) sikaphethiloli.
UFord uxwayisa ngokuthi ukushintsha iphampu kaphethiloli kungabiza imali ephakathi kuka-R10,000 no-R15,000, kuya ngohlobo lwemoto.
Uxwayise abashayeli bezimoto, okuhlanganisa nalabo abangakwazi ukufaka uphethiloli obiza ngaphezu kuka-R300, ukuba basebenzise uphawu lwethangi lekota njengesikhumbuzo sokugcwalisa uphethiloli.
UFord uphinde wachitha olwamagajethi okonga uphethiloli kanye nezithasiselo ukuthi zingasiza kakhulu ekutheni uphethiloli usebenze kahle kunalokho uphakamisa ukuthi abashayeli bezimoto bagxile ekunakekelweni okufanele kwezimoto kanye nemikhuba yokushayela ekahle.
Uxwayise abashayeli bezimoto ukuthi baqinisekise ukuthi ama-air filter kanye nama-spark plugs ahlale esesimeni esihle, bakugweme ukushayela ngesivinini esikhulu.
“Ungashayeli unyawo lwakho luyinyathele yonke i-accelerator,” esho.
UFord uxwayise nangokuthi ukushayela njalo ngelambu kukubeka engcupheni yokuphelelwa wuphethiloli kungalindelekile, ebese uba nenkinga yokuqhubeka nohambo, uzithele ezigebengwini.
Lesi sazi sithi abashayeli mabaqiniseke ukuthi uphethiloli wabo okungenani uba ngaphezu kwekota ethangini, banakekele izimoto zabo baphinde bashayele ngokucophelela nangesivinini esifanelekile ukuze bezokwazi ukonga uphethiloli bakugweme nokulungisa izimoto ngezimali ezinkulu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
