
Izicishamlilo eThekwini zinqande umlilo obusha ubuhanguhangu esitolo esisenkabeni yedolobha iTheku namuhla ekuseni, zawuvimba ukuba ungasabalali kwamanye amabhizinisini angomakhelwane.
Abezicishamlilo baphuthume endaweni yesigameko cishe ngezithuba zabo-05:30 ekuseni, kulandela ukuthola umbiko ngesakhiwo esishayo ekhoneni likaDenis Hurley Street kanye no-Ingcuce Road.
Izicishamlilo, i-eThekwini Fire and Emergency Services zifike endaqweni yesigameko zafica isitolo singqongqa. Balawule umlilo, bavikela indawo, amabhizinisi nezindawo ezizungezile.
Ayikho imibiko yabalimele neyabashone kulesi sigameko.
U-Enock Mchunu onguMqondisi weziNsizakalo zoMlilo, ushayele ihlombe izicishamlilo ngokusukumela lesi sigameko phezulu.
“Lo mlilo ubungakwazi ukusheeshe wokhelekel kwamanye amabhizinisi njengoba unayo yonke inhlobo yezinto eezisheshe zibambe umlilo, okubalwa, amaphepha no-inki kuzo. Ngenxa yokuthi abasebenzi bethu baphendule ngokushesha, awuzange uqhubeke usabalale kwezinye izakhiwo.
“Ngincoma ilungu ngalinye lezicishamlilo kulesi sigameko ngesivinini sabo kanye nobungcweti. Wonke umnikazi webhizinisi kufanele athathe lokhu njengesixwayiso, ngoba ukucisha kungalula kunokuqala kabusha oknaye ukulungisa,” kusho uMchunu.
Imbangela yomlilo isaphenywa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
