
Kulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngoLwesithathu umlingisi u-Asavela Mngqithi ngezinsolo zokushayela ngesivinini esiphezulu.
U-Asavela uboshwe ngemuva kwezinsolo zokuhamba ngesivinini esiphezulu esingu-198 km/h endaweni ka-120 km/h, emgaqweni u-N2 eduze kwase-Ellingham KwaZulu-Natal.
Ngokusho koMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, u-Asavela, owaziwa ngemidlalo yakhe yakumabonakude, Isibaya ne-Abomama, wayeshayela imoto yohlobo lwe-BMW X3 SUV ngesikhathi kwenzeka isigameko.
U-Asavele uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseScottburgh ngomhlaka-19 October 2026, kanti kulindeleke ukuthi abuye enkantolo ngoLwesithathu.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uNdabezinhle Sibiya, uthe:“Ukuboshwa kwalo mlingisi kuyisikhumbuzo kubo bonke abashayeli ukuthi umnyango angeke ube nesihe ngalesi sikhathi samaholide.”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
