
Umholi weMarch and March uJacinta Ngobese-Zuma unxuse abalandeli ukuthi bavote ngokumelene ne-ANC okhethweni lwangomhlaka-4 November ngesikhathi kuqhubeka imashi eThekwini ngoLwesibili.
Imashi ibimayelana nezinsolo zokuhlaselwa, abantu bakwamanye amazwe abasebenza imisebenzi yokudiliva impahla kanye nokuphoqelelwa komthetho wokufika kwabantu.
Imashi isuke ehhovisi loMnyango wezaseKhaya kuMoore Road ibheke esiteshini samaphoyisa aseBerea, eMusgrave nakuba imvula ibinetha ngamandla nenqwaba yamnnaphoyisa. Amaphoyisa abavimbele ukuthi baqhubeke nemashi yabo ebihleliwe.
UNgobese-Zuma usole uhulumeni kaMengameli uCyril Ramaphosa ngokungazinaki izikhalazo zabo futhi wathi amaphoyisa namashosha i- South African National Defence Force (SANDF) athunyelwe ukuzobalimaza uma bemasha. Uphinde wathi uhulumeni ucele umyalelo wenkantolo wokuvimbela lo mbhikisho, ethi lokhu kwephula ilungelo labo lomthethosisekelo lokubhikisha.
WATCH🚨 March and March leader Jacinta Ngobese-Zuma has compared President Cyril Ramaphosa to Zimbabwean President Emmerson Mnangagwa following the deployment of soldiers to Durban amid protests against illegal immigration. https://t.co/ihPrTEezNB
— MDN NEWS (@MDNnewss) October 27, 2026
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
