
Kuboshwe abasolwa abane, ababambe iqhaza elikhulu emibhikishweni eqhubekayo ebhekiswe kubantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho, ngemuva kokutholakala nezibhamu ezintathu kanye nezinhlamvu eMuden, ekuseni kakhulu ngoLwesine, lomhlaka-29 October 2026.
Amaphoyisa ophiko lwe-National Crime Intelligence asebenza KwaZulu-Natal athole imininingwane mayelana nokuthi kunabantu abane, ababambe iqhaza elikhulu kule mibhikisho, abasolwa ngokubandakanyeka ezenzweni zobugebengu, okubalwa kuzo ukuphangwa kwamaveni emali nokutholakala nezibhamu.
Le mininingwane isetshenziswe ukuqalisa umsebenzi okhethekile obandakanya amaphoyisa angamalungu e-KwaZulu-Natal Provincial Task Team. Imininingwane etholakele yiyo eholele amaphoyisa emzini othile oseMuden, lapho abasolwa abane batholakale khona nesibhamu sohlobo lwe-AK-47, izibhamu ezincane ezimbili, kanye nezinhlamvu ezingu-159. Baboshwe ngecala lokuba nezibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho.
Izibhamu zizothunyelwa ukuyohlolwa ngochwepheshe ukuze kutholakale ukuthi zake zasetshenziswa yini ezenzweni zobugebengu KwaZulu-Natal noma kwezinye izingxenye zezwe.
Abasolwa abane, abaneminyaka ephakathi kwengu-19 nengu-35 ubudala, bazovela eNkantolo kaMantshi yaseGreytown ngoLwesihlanu, lomhlaka-30 October 2026.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
