
Imibuzo mayelana nokuthi uLwandle Mseleku uyakwazi ukuthola abantwana iqubule izinkulumo phakathi kwababukeli bohlelo Izingane Ze’sthembu, ngemuva kokuba intombi yakhe, uKhwezi Mazibuko, edalule ukuthi ingane yabo bayithola ngokusebenzisa inqubo yokufakwa kwembewu esibelethweni, okwaziwa ngokuthi yi-intrauterine insemination(IUI).
Eziqeshini ezedlule zalolu hlelo, umama kaLwandle, uMaCele, waphoqa uKhwezi ukuba enze ukuhlolwa kolibofuzo (i-DNA). Imiphumela yaveza ukuthi uLwandle akasiye ubaba wengane ngokwemvelo, nokwaholela umndeni wakhe ukuthi umnxuse ukuba ahlukane naye. Nokho, uLwandle wema ngakuKhwezi waze wamcela nokuba bashade.
Esiqeshini sakamuva, esikhonjiswe ku-Mzansi Magic ngoLwesithathu, womhlaka-28 October 2026, uKhwezi udalule ukuthi ukuthola inmgane ngenqubo ye-IUI kwakuyisinqumo esathathwa yibo bobabili.
Uchaze ukuthi uLwandle wayazi ngale nqubo futhi nguye owasayina amaphepha adingekayo, wengeza nangokuthi ingane yabo engenacala akufanele ihlupheke ngenxa yesinqumo abasithatha ndawonye.
Ukudalulwa kweqinisio kudale ingxabano phakathi kwabo, mayelana nokuthi abazali batshelwe iqiniso. Ukungavumelani kwabo kuphele kabi, njengoba behoxise ukuthembisana kwabo umshado, nalapho ababukeli bebone uLwandle ethatha indandatho ayethembise ngayo umshado.
Manje, ababukeli bayabuza ukuthi kungenzeka yini ukuthi uLwandle unezinkinga zokungabatholi abantwana noma ngabe kukhona ezinye izizathu ezaholela ekutheni bathathe isinqumo sokusebenzisa i-IUI.
Okwamanje bekungakaqinisekiswa lutho kokudalulwe wuKhwezi esiqeshini sangoLwesithathu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
