
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi abalelwa kwanggu-18 amacala aqoshwe esifundazweni sonke selokhu kwaqala ukuvota okukhethekile. Kelezi zigameko kubalwa ukuboshwa okuhlobene nokhetho, ukusatshiswa, ukuhlaselwa kanye nokulimala kwempahla.
Ekhuluma nabezindaba eSikhungweni Sokusebenza Kwemiphumela eThekwini, IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa wesiFundazwe uPhumelele Makoba uthi kuze kube yimanje bayisikhombisa abasolwa ababoshiw.
Amaphoyisa athi isifundazwe sihlale sizotthile ngemuva kokuvalwa kokuvota, naphezu kwezigameko ezimbalwa zokungabekezelelani kwezepolitiki ezibikiwe ezindaweni ezahlukene.
Kube nokuxabana okubekhona okubandakanya abalandeli bamaqembu ezepolitiki aphikisanayo, kodwa iningi laxazululwa ngaphandle kokuvulwa kwamacala obugebengu.
“Kwadingekaukuba siqinise amandla ethu njengamaphoyisa kanyee nabanye bomthetho ukuze sizokwazi ukubhekanaa neziteshi eziningi ezinobungozi obukhulu nezingenabungozi kuzo zonke izifunda zase-KZN ezingu-11. Nakuba bezikhona izigameko zokungabekezelelani kwezepolitiki, isifundazwe sikwazile ukuhlala sizinzile phakathi nesikhathi sokhetho, kuze kube manje. Futhi sizoqhubeeka nokujuba ezomthethi ezindaweni ezahlukene kuze kube kuyaqedwa ukubalwa kwamavoti eziteshini zokuvota kuphinde kumenyezelwe nemiphumela.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
